Kulimale abangu-13 kuginqika itekisi e-KZN

2018-03-04 08:30

Johannesburg - Kulimale abantu abangu-13 ngesikhathi kuginqika itekisi ku-R33 eCramond, KwaZulu-Natal.

URussel Meiring we-ER24, uthe abosizo lokuqala bathole itekisi liginqike lisuka emgwaqeni lazo layongena emahlathini.

"Omunye wabalimalile utholwe eseceleni komgwaqop kanti abanye bebeseceleni kwetekisi.

"Abosizo lokuqala bahlole bonke abalimele bathola ukuthi bangu-13 abathole ukulimala kule ngozi," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kushone omunye futhi umdlali engozini yemoto

Khonamanjalo, e-Oudtshoorn eWestern Cape kuginginqike iveni kwalimala abantu abangu-12.

"Kukholakala ukuthi iningi lalabo abalimalile bebengemuva evenini ngesikhathi liginqika," kusho uMeiring.

Abalimalile balashelwe ukulimala khona endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela i-Oudtshoorn beyoqhubeka nokwelashwa, esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.