Kulimale abangu-25 kuqhuma ibhomu esibhedlela

2017-05-22 16:00

Bangkok – Kuqhume ibhomu esibhedlela sombutho wezempi eBangkok, eThailand, ngoMsombuluko, kugujwa iminyaka emithathu umbutho wezempi wavukela uhulumeni, nalapho amaphoyisa ethi bangu-25 abantu abalimele.

Abaphenyi bathole izingcucu zama-battery kanye nezintambo kuphansi endaweni okuqhume kuyo leli bhomu ePhramongkutklao Hospital, kusho uSrivara Ransibrahmanakul, oyiSekela leNhloko yamaphoyisa kuzwelonke.

“Singakuqinisekisa njengamanje ukuthi lelo yibhomu,” usho kanje.

OLUNYE UDABA:Kulimale umndeni waseThekwini kuqhuma 'iphasela'

Abantu abathathu balimale kanzima ebusweni nasemqaleni, kodwa iningi lezisulu zithole imihuzukwana, ngokusho kokhulumela uhulumeni, uSansern Kaewkumnerd.

Bekungakacaci ukuthi ubani oqhumise leli bhomu nokuthi lokhu kuhlobene yini nokugujwa kweminyaka emithathu umbutho wezempi wavukela uhulumeni owawukhethwe ngokwentando yeningi wawuqumba phansi.

“Ngicela ningakuhlanganisi lokhu nanoma ngabe yiziphi ezinye izigameko ngoba kungenzeka ukuthi kuhlangane noma akuhlangene,” uSansern usho kanjalo. “Kumele silinde izikhulu ziphenye imininingwane yamakhamera aqapha endaweni.”

IPhramongkutklao yisibhedlela esiphethwe umbutho wezempi kodwa esivulelekile nakubantu abajwayelekile.

Kusukela kwavukelwa umbuso ngonyaka ka-2014, okungenani aseyisithupha amabhomu aseqhume eBangkok.

Yize noma iningi lamabhomu aye adale ukulimala okungatheni, kodwa ibhomu elaqhuma ngomhlaka-17 ku-Agasti 2014, labulala abantu abangu-20. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.