Kulimale abangu-58 kugingqika ibhasi eBizana

2017-10-28 08:40

eBizana -  Bangu-58 abantu abalimale engozini yebhasi eyenzeke eNkantolo endaweni yaseBizana ngoLwesihlanu.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-South Coast Herald bangu-8 abantu abalimale kanzima kule ngozi.

Abazibonele ngawabo bathi umshayeli webhasi ubalekile ngemuva kwale ngozi washiya abagibeli belimele.

Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bahlenga abantu babelaphela endaweni yesigameko ngaphambi kokubaphuthumisa ezibhedlela eziseduzane.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ingozi yetekisi nemoto encane eNtuzuma

Kukholakala ukuthi leli bhasi belihambisa abantu emcimbini wesikhumbuzo salowo owayenguMengameli we-ANC u-O R Tambo ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

Lo mcimbi ubuhanjelwe uMengameli wezwe uJacob Zuma okunguyena obeyisikhulumi sosuku njengoba bekukhunjulwa uTambo ngosuku lwakhe lokuzalwa.

Kwesinye isigameko, kushone abantu abayisihlanu ngesikhathi iloli lishayisana nemoto encane ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo esifundazweni, uRobert McKenzie, uthe le ngozi yenzeke emgwaqeni u-R102, eSunwich Port, ePort Shepstone.

Okwamanje akucaci ukuthi le ngozi yenzeke kanjani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.