Kulimale abantu abangu-7 kudubulalana izigelekeqe e-PE

2017-09-17 13:34

Port Elizabeth – Abantu abayisikhombisa, okubalwa kubo nengane eneminyaka engu-9 ubudala, badubuleke ngesikhathi kuqhubeka udlame lwezigelekeqe.

Kuthiwa liyenyuka izinga lodlame oluphakathi kwemigulukudu enyakatho yeNelson Mandela Bay.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe ngokusho kombiko wamaphoyisa, ngabo-20:45 ngoMgqibelo ebusuku, iqulu labantu belimi phambi kwesitolo esikuLee Samuels Drive, e-Extension 35.

“Amadoda amathathu angaziwa abe eseqonda ngqo kuleli qulu afike adubula ebhekise ngakulo,” esho.

UNaidu uthe abantu abayisikhombisa abalimalile kulesi sigameko baphuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Kushone intombazane, 16, kudubulana amaqembu ezigebengu

“Leli  cala selidluliselwe ophikweni lwamaphoyisa abhekene ngqo nodlame lwezigelekeqe esifundazweni ukuba aphenye ngecala lokuzama ukubulala,” esho.

Umkhuzi weMount Road Policing Cluster, uMajor General Funeka Siganga, unxuse amaphoyisa ukuba abike ngezigameko zobugebengu.

“Uma imiphakathi kuyiyo evikela imigulukudu, zizoba ziningi izisulu zodlame kanti lokho kuyophinde kugqugquzele izigebengu ukuba zizicanasele.

“Abanolwazi bangaluveza ngokuthi bazifihle, kanti thina siyobe sesilandela umkhondo ngokushesha. Asisebenzeni ngokubambisana ukuqinisekise ukuthi izigebengu azinandawo emiphakathini yethu,” kusho uSiganga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.