Kulimale inqwaba yabantu bedutshulwa amaphoyisa eGoli - Umbiko

2016-05-04 14:31

Midrand – Kutshalwe inqwaba yamaphoyisa ngaphandle kwamahhovisi eSouth African National Road Agency (Sanral) ngesikhathi kubhikisha abasebenzi bekhala ngokukhushulelwa amaholo.

Sekuvele ukuthi kunabasebenzi abalimele ngemuva kokuhilizisana namaphoyisa ngosuku lokuqala lwalesi siteleka.

 Okhulumela inyunyana yabasebenzi bezokuthutha eNingizimu Afrika i-Satawu uZanele Sabela uthe abasebenzi abatelekile bebebuyela emakhaya behamba kumgwaqo okhulu.

Yize ukuhamba kwabo kubonakale njengokwephula umthetho okhushwe inkantolo.

OLUNYE UDABA:Sihambisana nodlame isiteleka samatekisi eThekwini

“Bebengenakho ukuzikhethela ngoba bekumele babuyele ekhaya, bebezohamba kanjani ngoba bekumele basebenzise yona indlela abafike ngayo,”kusho uSabela.

Uqhubeke ngokuthi kuboshwe abasebenzi abangu-8 kwadutshulwa inqwaba yabanye abasebenzi.

Isisebenzi esingathandanga ukuziveza sithe amaphoyisa avele adubula ngaphandle kokuxwayisa kuqala, ngokwemibiko ye-IOL.

“Besisendleleni sibuyela emgwaqeni sesilibangise emakhaya, kunamaphoyisa ahamba ngaphambili nangemuva kwethu.

“Avimbele izimoto ukuba zingahambi eduze kwethu, kwathu kuse njalo adedela ngezibhamu singalindele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.