Kulimale inqwaba yabantu ezingozini zamatekisi namuhla ekuseni

2016-08-13 12:01

Durban - Abosizo lokuqala babematasa kakhulu kulandela ukulimala kwabantu ezingozini ezibamndakanya amatekisi ezigamekweni ezahlukene KwaZulu-Natal ngoMgqibelo ekuseni.

Kushone umuntu oyedwa kwalimala abantu abangaphezu kwabangu-10 ngesikhathi itekisi liginqika ku-N2 eduzane naseMgababa ogwini oluseningizimu naKwaZulu-Natal sezishayile izithuba zabo-06:30 ekuseni, kusho uCeron Lennox weRescue Care.

OLUNYE UDABA: Iphume nemiphefumulo emibili kwafa nenkomo kweyenzeke ePMB

Abosizo lokuqala bafice abalimele bengaophandle kwetekisi eduzna enase-Ultra City kwadingeka ukuthi kwandise ama-ambulensi..

Isibalo sabalimele kulengozi besingakacaci kodwa imibiko ithi kubandakanyeke abantu abaphakathi kwabangu-14 nabangu-17.

Abalimalile baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.

Khonamanjalo kulimale abantu abangu-7 ngesikhathi kushayisana itekisi neveni ku-Old Main Road ngemuva kwezithuba zabo-07:30 eSiphingo nakhona beklufanele kwengezwe ama-ambulensi.

ULennox uthe bonka baxilongwe endaweni yesigameko base behuthunyiswa esibhedlela.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.