Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi eSiphingo

2017-02-01 13:01

Durban - Kulimale inqwaba yezingane ekuseni ngoLwesithathu ziya esikoleni ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo ishayisana nemoto encane eningizimu yeTheku.

Ngokusho kwabosizo lokuqala beRescue Care, ingozi yenzeke ku-Old Main Road‚ eSiphingo, ngezithuba zabo-06:40 ekuseni.

“Abosizo lokuqala bathole izimoto ezimbili ezibandakanyeke engozini zigingqikile, zilele ngohlangothi. Balinganiselwa kwabangu-17 abantu abalimele, iningi labo okuyizingane zesikole,” kusho uGarrith Jamieson‚ weRescue Care.

OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo abasolwa ngokubulala umbhali wezincwadi

Bangeniswe ezibhedlela ezahlukene ukuze bathole ukwelashwa.

Ingozi yenzeka nje uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma umshayeli wetekisi ngengozi eyabulala izingane ezine endaweni yesehlakalo kuvulwa izikole.

Iziphathimandla zezemfundo esifundazweni zifuna bakhishwe emgwaqeni bonke abashayeli abashayela budedengu, ikakhulukazi labo abathutha izingane zesikole.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.