Kulimale kabi abathathu kugetshengwa igalaji lakwa-Shell

2017-05-18 12:32

eGoli - Bekugcwele igazi phansi, umnyango wengilazi uphukile amazindi anezimbobo zenhlamvu, kubika i-IOL.

Lesi yisimo segalaji lakwaShell e-Eikenhof elihlaselwe yizigebengu ngoLwesithathu.

Kulesi sehlakalo, kulimale kabi abantu abathathu, kanti ngokusho komthombo ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, ubethi uzongena kuleli galaji ezofaka uphethiloli ngesikhathi ebona  ukuthi kukhona okungahambi kahle.

“Bebengekho abantu abathela uphethiloli phandle futhi ngithe ngibheka ngabona ukuthi umnyango uphukile, ngiqale ngadideka kodwa konke kuvele kwacaca ngesikhathi kuqhuma isibhamu.

“Ngivele ngashayela ngasuka kule ndawo ngayoma ngale komgwaqo ngazama ukushayela amaphoyisa nonogada.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili ngomlilo oqubuke egalaji ku-N2

Ngibone abantu cishe abane bephuma ngalo mnyango bebaleka beyongena emotweni bayishaya yazula,”kusho lo mthombo.

Lo mthombo uthi ulinde kwaze kwafika amaphoyisa ngaphambi kokuba angene esitolo saleli galaji.

“Igazi beligcwele phansi, kubukeka sengathi abantu bebezihudula phansi bezama ukucasha. Omunye wesilisa ubelele opha kabi emlenzeni, kukhona nowesimame oshaya umshini naye obekhala futhi opha,”kuqhubeka lo mthombo.

Okhulumela amaphoyisa aseMondeor uKaputeni Nokulunga Dube usiqinisekisile lesi sigameko wathi akukaboshwa muntu.

“Kuthiwa abasolwa abane abebehlomile bagasele kuleli galaje bahlasela isisebenzi ebesisemshinini basiphoqa ukuba sivule umshini sibanike imali,”kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.