Pamplona – Izinkomo zilimaze abantu abangu-14 ngoLwesihlanu
ngesikhathi kuqhubeka ifestiveli yaminyaka yonke eSan Fermin, eSpain, kusho
izikhulu.
Ngesikhathi kudedelwa izinkunzi zezinkomo kulimale abantu
abane baseMelika, owaseNingizimu Afrika, owaseNdiya, owasePortugal
nowaseBrithani.
OLUNYE UDABA: Kulimale abangu-40 kweyamabhasi
Owesilisa wakuleli oneminyaka engu-73 ubudala nona-58
ubudala waseSpain, basesimeni esibucayi kulandela ukuhlatshwa yizinkomo, kusho
uhulumeni esitatimendeni.
Owesifazane, 53, waseMelika ungeniswe esibhedlela ngenxa
yokwethuka.
Kule festiveli, kudedelwa izinkomo bese kuba ngumashiywa
abantu bebaleka.