Kulimale obedlula ngendlela izigebengu zibamba imoto yemali

2018-04-29 10:02

eTshwane -  Kudubuleke obedlula ngendlela ngesikhathi izigebengu ezibalelwa kwishumi zigebenga imoto yemali.

Lokhu kwenzeke ngasenxanxatheleni yezitolo iWonderpark eTshwane ngoMgqibelo, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Kay Makhubela uthi lokhu kwenzeke ekuseni ngo-08h30 kwenziwa yizigebegu ebezihamba ngetekisi, yimoto yohlobo lwe-Audi kanye nenke okukholakala ukuthi ingeyakwa-Volkswagen.

Kuthiwa onogada bebehambisa imali ngakule nxanxathela yezitolo ngesikhathi behlaselwa.

"Kuqhunyiswe imoto yemali yavuleka ngesikhathi kudutshulwana,"kusho uMakhubela.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa kaMasipala ayaphenya ngephoyisa elishaye owesimame

Obedlula ngendlela udubuleke emlenzeni kwabuye kwalimala nemoto ebingakhona kule ndawo.

Izigebengu zibaleke nesamba semali engaziwa kanti kazikabanjwa okwamanje.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala, wukweba kanye nokulimaza impahla.

UMakhubela uqinisekisile ukuthi imali esalile icoshwe ngabantu sekunesiphithiphithi ngesikhathi izigebengu sezibalekile.


News24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.