Kulimale onogada beveni lemali, kwaboshwa abasolwa abawu-4

2018-03-18 09:31

Johannesburg - Kulimale onogada abathathu ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali, amaphoyisa ophiko lweFlying Squad eGoli abopha abasolwa abane ngezinsolo zokuphanga kulandela isigameko sokudubula ngoMgqibelo ntambama, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Amalungu eFlying Suad aphuthume esigamekweni ebesiqhubeka kuHeidelberg Road sokubanjwa inkunzi iveni lemali ngezithuba zabo-13:40, kusho uCaptain Kay Makhubela.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuthungathwa abagebenge imoto yemali ku-N4 ePitoli

Amaphoyisa ahubhe abasolwa ngesikhathi bebaleka ngemoto yohlobo lwe-Golf 7 Gti emhlophe neye yohlob lwe-Audi 15 emhlophe. Kube sekudutshulwana, imoto iGolf yatholakala eGolden Walk Mall. Kutholakale nezibhamu ezintathu okubalwa kuzo i-AK47, kwaboshwa nabasolwa abane.

Imoto i-Audi uyona itholakale e-Alberton kanye nezinye izibhamu ezimbili. Zombili izimoto kubikwa ukuthi zadunwa, iGolf yadunwa eBronkhorstspruit kanti i-Audi yona yadunwa eLyttleon.

"Iveni lemali liqhunyisiwe kwathathwa isamba semali esingaziwa. Onogada baphuthunyiswe esibhedlela i-union. Uphenyo luyaqhubeka," kusho uMakhubela.


 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.