Kulimale onogada oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu kubanjwa imoto yemali

2017-10-29 09:57

Johannesburg - Kulimale onogada ababili ngesikhathi bekhishwa emgwaqeni uR57 ngaseSasolburg kubanjwa imoto yemali ngoMgqibelo.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko ngokuthi imoto yeG4S ibisuka eHeilbron ilibangise eVanderbijlpark ngesikhathi idutshulwa isondo yaginqikela eceleni komgwaqo.

Okhulumela uphiko loKlebe uKaputeni S'fiso Nyakane utshele abeNews24 ukuthi abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benz C-Class emhlophe, yi-VW Golf 7 empunga kanye ne-Audi A4 emhlophe.

"Ngokombiko esiwutholile, kukholakala ukuthi ukudubula kuqale ngemuva kokuthi le moto ikhishwe emgwaqeni. Kutholakale amagobolondo angu-7 esibhamu sohlobo lwe-AK47 kanye nawe-R5 endaweni yesingameko. Abasolwa babuye basebenzisa iziqhumane ukuvula iseyifu bathatha isamba semali engaziwa,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Anikezwe izincwadi zokumiswa emsebenzini amaphoyisa 'abevungula ngemali'

UNyakane uthi akukaboshwa muntu kulesi sigameko.

Abasebenzi abebesemotweni yemali abadubulekanga kodwa balimale ngesikhathi kuginqika iveni, uyedwa ophuthunyiswe esibhedlela ngophephela emhlani.

Okhulumela abe-ER24 Werner Vermaak uthi abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo batholwa oyedwa elele buqaqamama neveni.

"Kukholakala ukuthi iveni imkhafule ngesikhathi iginqika. Kusize abezimo eziphuthumayo kanye nabezicishamlilo abasebenzise amathuluzi adingekayo ukuze kukhishwe umshayeli evenini," kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.