Kulimale umakhi kwakhiwa ngaseSibaya Casino

2017-08-15 07:01

uMdloti - Isisebenzi senkampani eyakhayo silimale kabi ngesikhathi kuwa i-crane lapho abasebenzela khona ngaseSibaya Casino, eMdloti.

Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (Rusa) umshayeli we-crane kanye nabanye abasebenzi abambalwa basinde ngokulambisa, kubika iNorthglen News.

Abezimo eziphuthumayo abasebenzela inkampani i-IPSS Rescue, iRusa kanye nabe-Netcare 911 bafike batholana kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Kulimale inqwaba yabantu bedutshulwa amaphoyisa eGoli - Umbiko

“Sibizelwe kule ndawo ngabasebenzi abakhayo ngemua kokulimala komunye wabo kuwa lo mshini. Lesi sisebenzi esilimele siwe sisuka phezulu sabhajwa kulo mshini,” kusho abezimo eziphuthumayo.

Sibe sesilashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela abe-IPSS uPaul Herbst uthi akuqondakali kahle ukuthi yini imbangela yalesi sehlakalo.

IZITHOMBE: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.