Kulimale umfundi uthisha eqhumisa isibhamu ngephutha ekilasini

2018-03-14 14:03

Sacramento - Uthisha wesikole samabanga aphezulu enyakatho yeCalifornia uqhumise isibhamu ngephutha ekilasini ngoLwesibili ntambama kwalimala umfundi oyedwa.

Iphephandaba iMercury libike ukuthi uDennis Alexander ubefundisa ngezokuphepha esikoleni iSeaside High ngesikhathi edubula ngephutha uphahla, kusho amaphoyisa.

Umfundi ushaywe udoti wophahla owele kuye ngemuva kokuba inhlamvu ihlikize uphahla, kodwa akazange alimale kakhulu, kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Isililo kudlula emhlabeni usolwazi obedume umhlaba wonke

Isigameko silawulekile, ukufunda kwaqhubeka, kodwa uphenyo luyaqhubeka, kubika iMonterey County Herald.

"Kusazobhekwa inqubo yesibhamu ukuze kuzotholakala ukuthi uzothweswa icala noma cha," kusho u-Abdul D. Pridgen wamaphoyisa aseSeaside.

Isifunda seMonterer Peninsula Unified School sithumele abazali incwadi ukubabikela ngophenyo nangokuthi u-Alexander usenikwe ilivu njengoba kusaqhubeka uphenyo.

 -Twitter:

 - FoxNews

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.