Kulimale umzukulu kaMandela kubhikishwa eQunu

2016-08-10 19:01

Johannesburg - Umzukulu kalowo owayengumengameli wakuleli osadlula emhlabeni uNelson Mandela ubengabanye babantu abahlanu abadutshulwe ngamaphoyisa kuqhubeka umbhikisho onodlame oqubuke ezinsukwini ezimbalwa ezedlule eduzane nasekhaya eliseQunu.

Lo mbhikisho umayelana nokuqokwa kwekhansela lewadi le-ANC endaweni, kubika iDaily Dispatch ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Kuqubuke umbhikisho elokishini laseThekwini

UNdaba Mandela odubuleke amahlandla amathathu yinhlamvu zenjoloba ngoMsombuluko utshele abephephandaba ukuthi ulimale kancane emathangeni.

"Bengime eceleni komgwaqo ngemuva kokubuza ukuthi kuqhubekani kulabo abebebhikisha. Bengimatasa ngithatha izitho,be ngesikhathi amaphoyisa edubula ngezinhlamvu zenjoloba," usho njalo.

Ababhikishi bebengeneme, uchaze kanjalo, ngoba abaholi be-ANC esifundazweni bahlulekile ukukhuluma ngezikhalo zabo.

"Okufunwa ngabantu ukulalelwa ngabaholo be-ANC.

"Lokho kungathatha isikhathi esingaphansi kwehora mase isimo sibuyela esimeni. Umphakathi waseQunu uthi i-ANC yabafunza ikhansela lewadi  elingekho esimeni esikahle,"" kusho uMandela.

 -TMG Live/Daily Dispatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.