Kulindeleke agwetshwe owayeyisikhulu senkampani yonobuhle

2017-06-27 11:00

Johannesburg – Lowo owalahlwa yicala lokudlwengula ingane, uDawie de Villiers, kulindeleke ezwe ngekusasa lakhe eNkantolo eNkulu eGoli ngoLwesibili.

Ukwehliswa kwesigwebo sakhe sekuhlehliswe izikhawu eziningi selokhu alahlwa yicala.

NgoFebhuwari, uDe Villiers walahlwa amacala angu-32 kwangu-38, okubalwa kuwona nelokudlwengula ingane, ukuhlukumeza ngokocansi, ukubukisa izingane izithombe zocansi nokuba nezithombe zezingane ezinqunu.

Inkantolo yathola ukuthi ubufakazi bakhe babungebuhle futhi nezinto ayezisho zazishayisana kakhulu.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lidubule uzakwabo beziqeqesha

Enye yezingane yatshela inkantolo ukuthi uDe Villiers wayicela ukuba ikhumule izingubo phambi kwakhe. Kodwa uDe Villiers yena uthi wayevele esebenza ngendlela okujwayeleke ngayo.

UDe Villiers wathi akayimisanga ingane ukuba ikhumule izingubo phambi kwakhe ngoba wayekhangekile futhi kukuhle emehlweni akhe, futhi yena wayecabanga ukuthi yayithanda nayo.

Inkantolo yabamukela ubufakazi bentombazanyana.

UDe Villiers wathi ufakazi woMbuso unamanga futhi wasebenzisana nohlelo lwaku-M-Net iCarte Blanche ngenhloso yokungcolisa igama lakhe nelenkampani yakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.