Johannesburg - Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uMario
Booysen kulindeleke ajoyine iSuperSport United ngesizini ezayo.
UBooysen uchithe isizini edlule ebolikiswe
kwi-United yiSundowns, wadlala imidlalo engu-15 washaya igoli elilodwa.
Lo mdali odabuka eKapa kulindeleke ukuba ajiyine leli qembu
lasePitoli ngokugcwele ngesizini ezayo, ngokusho kwesinye sezikhulu zeSundowns.
Funda nalolu daba: IChiefs 'ixolele' abanye babadlali obebekhonjwe indlela
"UMario ngeke abuyele kuthina,” kusho
isikhulu, kubika iKickOff.com.
"Ufunwa yiSuperSport United, kodwa akukho osekuphothuliwe
okwamanje.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).