Kulindeleke avele enkantolo ummeli osolwa ngokushaya owesifazane

2017-10-23 07:28

Pretoria – Ummeli kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi ePitoli ngoMsombuluko, ngemuva kwezinsolo zokushaya ngebhodlela aphinde akhahlele owesifazane ngisho esewele phansi.

Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala uboshwe ngoLwesihlanu esemahhovisi aseNkantolo eNkulu ePitoli, wathweswa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

"Ngokwemibiko, isisulu,29, esihlala efulethini eSunnyside, sishaywe ngebhodlela saphinde sakhahlelwa sesiphansi, kulandela ingxabano okuthiwa iqutshulwe ukuthi isisulu sicele kumsolwa okokulayitha ugwayi,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela.

OLUNYE UDABA: Abefundisi ecaleni lokudlwengula izingane

"Ngesikhathi sifika (isisulu) esiteshini samaphoyisa eSunnyside ngobusuku besigameko, amaphoyisa abize i-ambulance kuqala ngaphambi kokuba athathe isitatimende esisulwini.

"Isisulu basilimele ekhanda,” kusho uMavimbela.

Uthe nakuba isisulu besingazi ukuthi umsolwa uhlala kuphi, amaphoyisa aseSunnyside akwazile ukumthola ngemuva kokuhlanganisa ubufakazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.