Kulindeleke babuyele ezikoleni ngesonto elizayo

2016-07-25 10:04

Polokwane - Bonke abafundi baseVuwani kulindeleke babuyele esikoleni ngesonto elizayo. NgoLwesihlanu kufinyelelwe esivumelwaneni ngesikhathi kunomhlangano nomphakathi.

Sekuphele izinyanga ezintathu kungafundwa eVuwani njengoba ezinye izikhamizi bezingafuni ukuhlanganiswa nomasipala omusha waseMalamulele.

Zingaphezu kwezingu-20 izikole ezashiswa ngesikhathi kunombhikisho.

Funda nalolu daba: Zimkhalele owesifazane otholakale nezidakamizwa

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, u-Elijah Mhlanga uthi: "Izivumelwano kufinyelelwe kuzona ngemuva komhlangano wangoLwesihlanu obuseVhembe. Umphakathi uvumelene nohulumeni ngokuthi izikole kumele ziphinde zivulwe ngokushesha.”

"Kuvunyelwene ngokukuthi ngomhlaka 4 Agasti zonke izikole kumele zivulwe, bonke abafundi nabo bonke othisha kumele babuyele ezikoleni ngoba ngalelo langa ukufunda nokufundisa kumele kuqhubeke,” kusho uMhlanga, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.