Kulindeleke inkantolo ukuba icacise ukuthi ubani umholi wangempela kwaShembe

2018-04-13 07:44

Durban - INkantolo eNkulu eMgungundlovu esifundazweni iKwaZulu-Natal kulindeleke ikhiphe isinqumo mayelana nombango wesikhundla sobuholi ebandleni lakwaShembe.

Isinqumo kulindeleke siqede ukudideka okukhona nosekudonse iminyaka emihlanu mayelana nokuthi ngubani ngempela okwakumele angene esikhundleni kulandela ukukhothama kwenkosi uVimbeni Shembe, ngo-2011.

Umbango uphakathi kukaMduduzi Shembe kanye nomalume wakhe ongasekho emhlabeni uVela Shembe.

OLUNYE UDABA: 'Kwangithusa ukuboshwa kukamama eboshelwa ukubulala ubaba'

UVela, obehola uhlangothi lwaseThembezinhle olunamalungu alinganiselwa kwangu-5 million, washona ngoDisemba 2017 kanti uPhinda Shembe uyena owamenyezelwa njengozothatha izintambo zobuholi.

IPhini likaMengameli wamaJaji u-Isaac Madondo kulindeleke likhiphe isinqumo ngoLwesihlanu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.