Kulindeleke isinqumo ecalaleni lowafakwa ebhokisini lomngcwabo

2017-08-25 10:27

Middleburg – INkantolo eNkulu ehlezi eMiddelburg ngoLwesihlanu kulindeleke ikhiphe isinqumo ngecala labesilisa ababili okuthiwa bashaya baphinde bafaka uVictor Mlotshwa ebhokisini lomngcwabo.

UWillem Oosthuizen noTheo Jackson babhekene namacala okuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni ngemuva kokuphoqa uMlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo.

U-Oosthuizen noJackson baboshwa ngasekupheleni konyaka odlule, ngemuva kokusabalala kwe-video yesigameko ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: 'I-ANC iziphilela emhlabeni wayo yodwa'

Ngo-Agasti 21 Umshushisi woMbuso uRobert Molokoane utshele inkantolo ukuthi inobufakazi obubekwe phambi kwayo obuveza ukuthi u-Oosthuizen noJackson bazama ukubulala uMlotshwa.

Ummeli ka-Oosthuizen, u-Advocate Wayne Gibbs yena uthi abasolwa babengafuni ukubulala uMlotshwa kodwa babemsabisa nje kuphela.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.