Kulindeleke isinqumo kwelikamama osolwa ngokudlwengula usana lwakhe

2017-12-05 12:30

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-29 ubudala waseSoweto, osolwa ngokudlwengula usana lwakhe olunezinyanga ezimbili luzelwe, uzozwa ngekusasa lakhe eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesibili.

Kulindeleke ukuba isinqumo kuleli cala sehliswe namhlanje mayelana namacala amane lo wesifazane abebekwe wona; okungelokudlwengula, ukuhlukumeza ingane, ukudlala indima ekutheni ingane idlwengulwe kanye nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho, kubika iHeraldLIVE.

Ngomhlaka-6 Novemba nonyaka, omakhelwane bezwa owesifazane ehayiza egumbini ahlala kulo eMeadowlands‚ bathi uma beyobheka bathola usana lwakhe lulele embhedeni lungakwazi ukuphefumula kahle.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 'umphrofethi' ngelokudlwengula 4 wezingane

Kwathi uma ebuzwa wathi ingane iwile embhedeni.

Ingane yabe isiphuthunyiswa esibhedlela, lapho udokotela athola khona ukuthi ukulimala kwale ngane akuhambisane nokuwa, kepha igxokogxwe ngento ethile esithweni sangasese.

Kwaphinde kwatholakala isidoda enganeni, kwadingeka ukuba iyohlinzwa. Umama uthi nguye kuphela owayenale ngane ubusuku bonke.

UMbuso uthi ukutholakala kwesidoda enganeni yikho okutshengisa ukuthi kukhona owesilisa owadlwengula le ngane.

UMbuso wabe usuthi lo wesifazane, ophikayo ukuthi wadlwengula noma wayekhona kudlwengulwa usana lwakhe, wazama ukufihla iqiniso ngalesi sigameko kwasekuqaleni.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.