Kulindeleke kuboshwe abanye abasolwa ngokucekelwa phansi kwempahla eMoses Mabhida

2018-04-24 14:02

Johannesburg - Okhulumela amaphoyisa eKZN uJay Naicker uthi bacubungula wonke ama-video aveza abalandeli becekela phansi impahla eMoses Mabhida Stadium.

Kuqubuke udlame ngemuva kokuphela komdlalo ngesikhathi abalandeli beKaizer Chiefs bengena enkundleni ngemuva kokwehlulwa kwekilabhu yabo ngo-2-0 idlala neFree State Stars kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.

Bangu-18 abantu abangeniswe esibhedlela bathola ukwehlashwa belimele ngezindlela ezahlukene kodwa bonke sebededeliwe.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana, 16, embhikishweni eNorth West

UNaicker uthi babuka ama-video ngenhloso yokuhlonza abanye babasolwa ngethemba lokuthi bazoboshwa.

Uthi amaphoyisa afake isicelo kwabezindaba sokuba abantu babanikeze amagama abasolwa.

“Lolu hlelo lusahamba kahle okwamanje. Amagama siyawathola kanti nabaphenyi baphezu kwalo lolu daba. Sinethemba lokuthi kuzoboshwa abanye abasolwa kungekudala,” kusho uNaicker.

Khonamanjalo, uSihlalo wePremier Soccer League u-Irvin Khoza udlulise ukuxolisa esizweni ngesigameko.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.