Kulindeleke kufakaze umakhwapheni ecaleni losolwa ngokubulala umkakhe

2017-10-16 09:38

Port Elizabeth – Umakhwapheni kaChristopher Panayiotou, uChanelle Coutts, kulindeleke ethule ubufakazi ngoMsombuluko ekuseni uma sekuqhubeka ukuthethwa kwecala eNkantolo eNkulu e-Eastern Cape, ePort Elizabeth.

UPanayiotou kanye nalabo asolwa nabo, uSinethemba Nenembe noZolani Sibeko, babhekene namacala okwakha uzungu, ukuthumba, ukubamba inkunzi kanye nokubulala unkosikazi kaPanayiotou uJayde.

Umsolwa wesine, uSizwezakhe Vumazonke, okusolwa ukuthi uyena owabulala, washona ngaphambi kokuqala kokuthethwa kwecala.

OLUNEY UDABA: UMnyango uyalele ukuba bangaqondiswa izigwegwe 'abafundi be-EFF'

Uthisha oneminyaka engu-29 ubudala wathunjwa engaphandle komuzi ayehlala kuwona eKabega Park, ePort Elizabeth, elinde imoto ezombeka eRiebeek College Girls High School, ekuseni ngoLwesibili lwangomhlaka 21 Ephreli 2015.

Watholakala eshonile esigangeni esingaphandle kwaselokishini laKwaNobuhle, e-Uitenhage, ngakusasa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.