Kulindeleke kuqale ukugwetshwa kukaBrickz

2017-09-28 09:31

Johannesburg – Kulindeleke luqale namhlanje ngoLwesine uhlelo lokugwetshwa kwesihlabani somculo weKwaito, uSipho “Brickz” Ndlovu, owalahlwa yicala lokudlwengula intombazane, 16.

Lesi sihlabani esaduma kakhulu nangengoma ethi “Sweetie my baby” salahlwa yicala lokudlwengula isihlobo emzini waso oseRuimsig, esigamekweni esenzeka ngo-2013.

NgoSepthemba 14, inkantolo yakuhlehlisa ukugwetshwa kukaNdlovu ngemuva kokuba ummeli wakhe uPiet Du Plessis etshele inkantolo ukuthi usanda kuthola imiqulu yecala.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi uphaphame umyeni edlwengula indodakazi ekamelweni

UDu Plessis wathi nakuba enayo yonke eminye imiqulu ebalulekile ayitole kosonhlalakahle, wayesalinde imiqulu emayelana nokuthethwa kwecala, kanye neyesigwebo.

UMshushisi uPratisha Salie wathi bayakuqonda ukuthi abameli bazame konke ukuthola le miqulu.

UNdlovu waboshwa ngoNovemba 2013, wadedelwa ngebheyili ka-R50 000.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.