Kulindeleke ukuba afungiswe njengomengameli uMnangagwa

2017-11-22 07:06

Johannesburg - Lowo owayeyisekela likamengameli eZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa kulindeleke ukuba atheleke eZimbabwe namhlanje ekuseni kanti kulindeleke ukuba afungiswe njengomengameli, kusho umthombo otshele iNews24.

Ngokusho kwemithombo esondelene noMnangagwa, ubeseNingizimu Afrika kanti ubezondiza ebheke eZimbabwe ngendiza yangasese. Ngaphambilini ngoLwesibili, uMnangagwa uthe uzobuyela eZimbabwe kuphela uma kuqinisekisa ukuphepha kwakhe.

Washiya kuleliya lizwe ngemuva kokuthi uRobert Mugabe emxoshile njengesekela lakhe.

Esitatimendeni sangoLwesibili, uMnangagwa owaxoshwa nguMugabe esikhundleni ayesibambile kuhulumeni ngomhlaka-6 Novemba, uthe ngeke abuyele ekhaya kuze kube uyeneliseka ngezinhlelo zokuphepha kwakhe.

"Ngimtshelile umengameli ukuthi ngeke ngibuyele ekhaya okwamanje, kuze kube ngiyagculiseka ngokuphepha kwami ngenxa yendlela engaphathwa ngayo ngesikhathi ngixoshwa.

"Ngenxa yokwenzeka ngemuva kokuthi ngixoshwa kwami ngomhlaka-6 Novemba 2017 ngo-16;00, ngaphucwa onogada ababengiqapha lokho kungenza ukuthi ngibe manqika," kusho uMnangagwa esitatimendeni ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: UMugabe kumele alalele abantu ehle esikhundleni - Mnangagwa

UMnangagwa uthe lokhu "kuyaphambana nenqubo ekhona eZimbabwe ngalabo ababengamasekela kamengameli mayelana nezokuphepha".

Uqhube ngokuthi ngemuva nje kancane kokuxoshwa kwakhe, waxwayiswa ngabezokuphepha ukuthi "kunezinhlelo zokumsusa" uma eseboshiwe wayiswa esiteshini samaphoyisa.

"Ngashiya izwe ngenxa yokwesabela ukuphepha kwami."

Incwadi yokusula kukaMugabe ifundwe ePhalamende ngoLwesibili ebusuku, kwazwakala imibhiyozo emigwaqeni yezwe abantu bejabulela lezi zindaba.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.