Kulindeleke ukuba avele kusasa uthisha owabulala isitshudeni nomama waso

2016-07-21 07:30

Durban - Kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesihlanu uthisha waKwaMaphumulo KwaZulu-Natal kulandela izinsolo zokudubula abulale isitshudeni nomama waso.

Kusolwa ukuthi umfundi obenza ugrade 11 uKhethiwe Xulu, 23, ubenengane eneminyaka engu-3 ubudala nalo thisha oneminyaka engu-34 ubudala.

OLUNYE UDABA: Uvelile osolwa ngokubulala intombi nomama wayo

Abomndeni bathi lo thisha wake wabasabisa ngaphambilini. Kusolwa ukuthi wadubula uXulu phambi kwagogo wakhe ngaphambi kokudubula umama walo mfundi.

"Bekungangcono ukube uvele wasibulala sonke ngoba kubuhlungu kakhulu. Umama kaKhethiwe bekunguye yedwa umntanami, manje akasekho. Ubani osezonginakekela?", kubuzo ugogo uJabulisile Gumede.

Isikhali siyahlolwa kanti umnyango usigxekile isenzo salo thisha.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKranskop ngoLwesihlanu, kubika i-SABC.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.