Kulindeleke ukuba avele ngelizayo osolwa ngokubulala iphoyisa

2016-07-16 10:00

Durban - Kulindeleke ukuba ivele enkantolo yemantshi yaseThekwini ngoMsombuluko indoda eneminyaka engu-33 ubudala ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokubulala iphoyisa laseGingindlovu ngoNovemba.

Umsolwa ubesohlwini labafunwa ngamaphoyisa, amaphoyisa aKwaZulu-Natal exwayisa umphakathi ngobungozi bakhe.

OLUNYE UDABA: Usindile usihlalo wegatsha le-ANC ehlaselwa nomndeni wakhe

Lo msolwa uboshwe ngoLwesithathu eMorningside kanti kuzwakale ukuthi utholwe enesibhamu i-AK-47 nezinye izibhamu ezimbili nezinhlamvu.

OwoKlebe uSimphiwe Mhlongo uthe umsolwa uboshelwe inqwaba yezigameko zobugebengu esifundazweni kubalwa nesokuzama ukubulala nokubamba inkunzi imoto yemali.

UMhlongo uthe bakholwa ukuthi kukhona esebenzisana nabo, kubika iNewswatch.

"Amalungu oKlebe athe azoqinisekisa ukuthi uyavalelwa kanti futhi kucelwa umphakathi ukuba usebenzisane nabo uwanike imininingwane ngabanye abasolwa abasegcwele amathafa," usho njalo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.