Kulindeleke ukuba avele udokotela osolwa ngokweba imishanguzo

2016-07-13 08:30

Polokwane – Kulindeleke ukuba avele enkntolo yaseLimpopo udokotela osolwa ngokwebela umnyango wezempilo esifundazweni imishanguzo, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesibili.

Le ndoda eneminyaka engu-44 ubudala iboshelwe emsebenzini emtholampilo iRethabile ePolokwane ngoMsombuluko, kusho isikhulumile uCaptain Matimba Maluleke.

OLUNYE UDABA: Kuzokhiqizwa imishanguzo ye-HIV engadli kakhulu ephaketheni

Amaphoyisa ancinzwe indlebe indlebe ngezinsolo zokuthi lo dokotela ubekhwabanisa ukuthenga imishanguzo iminyaka engaphezu kwemibili. Lo dokotela usolwa ngokuthola amaphilisi esebenzisa isitembu somunye udokotela, wazama ukusayinda njengaye.

Amaphoyisa athole amabhodela ngu-35 ama-ARV's, izitembu zodokotela nezinye izinto okusolwa ukuthi zebiwa emnyangweni emzini walo dokotela ePolokwane.

Lo dokotela uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngoLwesithathu ngamacala amathathu, eloku'foja', elokukhwabanisa nelokweba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.