Kulindeleke ukuba avele umshayeli wemoto yemali obaleke nemali

2016-07-20 13:30

Cape Town -  Umshayeli weveni yemali kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseSomerset West ngoLwesine ngemuva kokubaleka nemali enxanxathela yezitolo ngoMsombuluko, kuqinisekisa amaphoyisa ophiko loKlebe.

Umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngoLwesibili ntambama, kusho isikhulumi uCaptain Lloyd Ramovha.

OLUNYE UDABA: Izigebengu ziwise imoto yemali zashaya zachitha nemali

"Kusolwa ukuthi lo mshayeli wabaleka nemali ngesikhathi ithimba lisaphumile evenini," usho njalo echaza.

"Ngesikhathi ithimba selibuyile iveni lalingasabonwa nomshayeli walo engasatholakali."

Iveni latholwa latholwa ngemuva kwesikhashana ngamaphoyisa emathuneni aseKhayelitsha.

"Izicabha zazivulekile nezisefo nazo, imali ingasekho.Kuzwkale ukuthi anasolwa abangu-6 bakhomba onogada basemathuneni ngezibhamu ngesikhathi abanye bematasa bevula izisefo ngaphambi kokubakleka nemali."

Umshayeli ubhekene necala lokubamba inkunzi imoto yemali, kusho amaphoyisa.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.