Kulindeleke ukuba bavele abasolwa ngokuzibambela umthetho ngezandla

2017-06-26 13:59

Durban - Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu-24 nengu-25 ubudala kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngamacala okuthumba nokubulala, kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe uLuyanda Shezi, 23, kusolwa ukuthi wathunjwa wase eshaywa ngabasolwa.

"Ngomhlaka-13 Juni, isisulu sasise-Industrial Park, endaweni yasePhoenix, lapho okusolwa khona ukuthi sathunjwa abasolwa. Kusolwa ukuthi babesisola ngobugebengu khona endaweni.

"Sashaywa kanzima ngocelemba, imvubu nangamatshe base besiphoqa ukuba singene emotweni yohlobo lweNissan Hardbody."

OLUNYE UDABA:Uthungelwe ngomlilo washona obesolwa ngokweba iselula

UGwala uthe ngoLwesibili olwedlule, umfowabo kaShezi wasola ukuthi kukhona okuqhubekayo ngesikhathi umfowabo enyamalele wabe esebikela amaphoyisa endawo ngodaba.

"Kwenziwa uphenyo, kwaboshwa umsolwa oyedwa kwathi ngemuva kophenyo olunzulu kwaboshwa abanye abasolwa, isidumbu sesisulu satholwa endaweni yaKwaMashu, sekuphele isonto enyamalele," esho.

Amacala okuthumba nokubulala avulwa esiteshini samaphoyisa asePhoenix ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo.

Khonamanjalo, omunye umsolwa, uSipho Sithole, 41, uvele enkantolo ngoLwesihlanu ngamacala afanayo, wagcinwa esitokisini. Naye kulindelejke ukuba avele namuhla enkantolo, ukuze ezofaka isicelo sebheyili.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor-Genral Bheki Langa uncome amaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa.

 - ANA


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.