Kulindeleke ukuba bavele abasolwa ngokwebiwa kwezimbuzi

2016-05-06 10:03

Johannesburg – Kuboshwe amadoda amathathu abalelwa emnyakeni ephakathi kwengu-18 nengu-60 ubudala ngoLwesine kanti azovela eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngokutholakala nemfuyo okusolwa ukuthi yemiwe.

La madoda asolwa ngokutholakala nezimbuzi ezebiwe ezibalelwa emalini engu-R49 000, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: Indoda igwetshwe engu-80 ejele ngokweba imfuyo

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe kuboshwe amadoda amathathu endaweni yaseMandeni, enyakatho neTheku.

"Abophiko lokwebiwa kwemfuyo eKokstad  basebenze imini nobusuku ukuthola abasolwa ngokubandakanyeka ekwebiweni kwemfuyo endaweni yaseMzimkhulu.La basolwa batholwe nezimbuzi ezingu-22."

UZwane uthe umnikazi wezimbuzi ubezivalele esibayeni kodwa ngokuhamba kwesikhashana wafica zingekho izimbuzi zakhe ezingu-33.

"Amalungu abe eseqalisa uphenyo kwathi ngomhlaka-5 Meyi bancinzwa indlebe betshelwa ukuthi zibonakale kuphi izimbuzi."

Lezi zimbuzi zihlonzwe ngumnikazi wazo kwase kuboshwa abasolwa abathathu, usho njalo.

"Abakwazanga ukunikeza incazelo egculisayo ngokuthi bazithathe kuphi lezi zimbuzi."

Kusashoda izimbuzi ezingu-11 kanti amaphoyisa asazifuna.

La madoda azovela eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu namuhla (ngoLwesihlanu).


 - African News Agency

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.