Kulindeleke ukuba bavume icala abasolwa ababili kwelikaManana

2017-10-05 12:42

Johannesburg - Lihlehlile icala lamadoda amabili okukholakala ukuthi abandakanyeka ecaleni lalowo obeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana.

UCyril Madonsela, 35, noThulani Mdaka, 30, bavele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesine ekuseni.

Umshushisi uYusuf Baba ucele ukuba icala lihlehlele umhlaka-6 Okthoba ukuze uMadonsela noMdaka bezovuma icala.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo uManana ngecala lokushaya

La madoda abhekene namacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kwezinsolo zokushaya abantu besifazane ababili, uMonoisa Duma noNoluthando Mahlaba eCubana Lounge eFourways ngomhlaka-6 Agasti.

UMadonsela noMdaka kusolwa ukuthi bashaya laba bobabili ngezimpama, babahluthula izinwele, bawa phansi base bebakhahlela.

Enye yala madoda yaboshwa ngemuva kokukhonjwa enkantolo yisisulu ngesikhathi kuvele uManana enkantolo ngomhlaka-13 Septhemba  kwathi enye yazinikela emaphoyiseni ngalo usuku.

Icala lihlehliselwe umhlaka-6 Okthoba ukuze uMadonsela noMdaka bezovuma icala.

UManana kulindeleke ukuba avele enkantolo ngomhlaka-7 Novemba ukuze kuzoqala ukuqulwa kwecala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.