Kulindeleke ukuba kuqale ukufunda nokufundisa e-UKZN kusasa

2016-08-16 19:05

Durban - Kulindeleke ukuba kuqale ukufunda nokufundisa esikhungweni semfundo ephatheke i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) eMgungundlovu ngoLwesithathu kulandela umbhikisho wezitshudeni owaphoqa ukuba kuvalwe uphiko lwesikhungo ngoMsombuluko.

Okhulumela i-UKZN uLesiba Seshoka uthe ukufundisa nokufunda bekusamile okwesikhashana.

OLUNYE UDABA: Inhlangano yabafundi ithi kusazoshuba e-UKZN

"Ukufunda nokufundisa bekuqhubeka e-Howard College, eWestville, e-Edgewood naseNelson R Mandela School of Medicine namuhla," usho njlao.

""Yize kunjalo amakilasi abesamisiwe nanamuhla ophikweni lwesikhungo esiseMgungundlovu. Kulindeleke ukuba kufundwe kusasa ekuseni."

Lokhu kulandela umbhikisho ohlobene nezimali ezikhokhelwa ukufunda obuqhubeka ezweni ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe wezeMfundo emazingeni aphakeme uBlade Nzimande  ngoMsombuluko uthe isinqumo ngokunyuka kwemali emanyuvesi ngo-2017 sizothathwa ingakapheli inyanga.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.