Durban - Kuboshwe abantu abangu-54 KwaZulu-Natal ngokubandakanyeka embhikishweni onodlame kuthelawayeka uN3 eduzane naseMooi River toll plaza ngeSonto ebusuku.
Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMooi River namuhla (ngoMsombuluko), kusho okhulumela amaphoyisa e-KZN uColonel Thembeka Mbhele.
UMbhele uthe ngezithuba zabo-19:30 ngeSonto iqulu labantu lijikijele izinto emgwaqeni u-N3 lokhela ngomlilo amaloli.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abangu-13 embhikishweni e-E Cape
Kucekelwe phansi amaloli angu-35 kubalwa nashisiwe.
"Kukholakala ukuthi abantu abebebhikisha bejikijela namatshe badale umonakalo omkhulu kwimpahla.
"Amaphoyisa endawo nawakwezinye izindawo ahlakaze iqulu labantu ebelizitapela impahla emalolini abesha. Kuboshwe abantu abangu-54 ngamacala odlame lomphakathi," kusho uMbhele.
UMbhele uthe isimo sesisesimeni esikahle namuhla ekuseni nakuba umgwaqo usavalekile ngenxa yamaloli ashile.
"Amaphoyisa asiqaphile isimo endaweni. Izimoto zihamba ngeminye imizila okwamanje," kusho uMbhele.
Ngokusho kwemibiko, lo mbhikisho onodlame umayelana nokuqashwa kwabantu bokufika njengabashayeli bamaloli.