Kulindeleke uMbete asikhiphe kusasa isinqumo ngendlela okuzovotwa ngayo

2017-08-06 13:34

Johannesburg – IPhalamende lithi uSomlomo uBaleka Mbete angase asimemezele ngoMsombuluko isinqumo sakhe ngendlela okuzovotwa ngayo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo utshele iNews24 ngeSonto ekuseni ukuthi isimemezelo singase sikhishwe ngoMsombuluko, kodwa ihhovisi lizokuqinisekisa lokho ngokuhamba kosuku ngeSonto.

Isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMenganeli Zuma sizodingidwa ngoLwesibili ePhalamende.

NgoJuni,  iNkantolo yoMthethosisekelo yathi uMbete unamandla, njengoSomlomo, ukunquma ukuthi kumele kuvotwe ngayiphi indlela esiphakamisweni.

OLUNYE UDABA: UMbalula ukhala ngezibhamu ezingekho emthethweni

Phambilini, uMbete wathi isinqumo uzosikhipha ngaphambi kokuba kuvotwe ngomhlaka 8 Agasti.

Amaqembu aphikisayo anxuse amalungu e-ANC ePhalamende ukuba eseke isiphakamiso ngoZuma.

UMbete utshele iSunday Times ngeledlule ukuthi uzosithatha ngoMsombuluko isinqumo, nokuthi ungaphansi kwenkulu ingcindezi ngalesi sinqumo esinzima.

Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema watshela iNews24 ngenyanga edlule ukuthi uzonikeza uMbete amaphepha enkantolo avimbela ukuba kuqhubeke ukuvota uma nje ezokwenqaba ukuba kuvotwe ngokuyimfihlo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.