INGOSI: Kulungile baba kuphi khona, konakele makunje!

2016-12-14 18:10

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Bandleliphakathi angizami kona belu ukugiya ngethambo lenja ngoba nakhu ngingayidli. Ngibuhlungu ngokudlula emhlabeni kweciko negosa eliyingqwele kwezomculo wokholo uSfiso Ncwane. 

Phakathi kwezinto ezingenza ngibe buhlungu kakhulu ngokukhothama kwaleliqhawe yileli culo lakhe elithandwa yonkindawo neliphenduke isiprofetho ekufeni kwakhe elithi Kulungile Baba! Ngibuhlungu kakhulu ngalomqondo wokukholwa othi kumele simdumise zikhathi zonke ongabonwayo ebuhleni nasebubini.

OLUNYE UDABA: INGOSI: UJehova wehluleka zibekwa

Ngibuhlungu ngiyakhala isilikozane asipheli. Umqondo waleli culo ugcizelela into esezinkonzweni eziningi ngamahlelo-ngamahlelo wokuthi "kulungile baba Jehova konke okwenzeka kithi uma kuyintando yakho”.

Intando kaJehova ivama ukuchema nothile khathi kuhlukumezeka othile. Angikhathali kungaba yisiphi na isithembiso sekusasa eliqhakazile emva kokuhlupheka nobunzima angeke ngamukele ukuthi kulungile baba. 

Kufa abantu abangenacala kusinde imigulukudu kumele siqhubeke sithi kulungile baba…cha akulungile neze! Jehova ndoda yamadoda konakele kuphithene ubendle. Kubi akubekezeleleki.

Imfundiso yesikholwa ithi masifundiswe ngokubekezela, sibekezele nanxa sihlushwa ngokuba wenaJehova unamaqhinga angcono ngathi ngaphesheya kwaloku kuhlupheka.

Cha akulungile neze baba, koze kube nini abantu befa beneqhaza elibaluleke kangaka emphakathini? Koze kube nini “kulungile baba” abantu bedliswa utshani beqholwa ngeDoom bephuza namaDetol noshibhoshi! Ngeke, angivumi, akulungile neze! Konakele kakhulu.

Uma likhona lelo Zulu sengingamane ngidlule eceleni uma kumele Samukele ubunuku obunjena egameni likaYaweh! Akulunge-lutho mekunje!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.