Kumangalelwe uJali 'ngokweba'

2016-08-01 10:06

Johannesburg - Isihlabani seBafana Bafana, u-Andile Jali, sisolwa ngokwebela umngani waso, umbiko.  

Iphephandaba iSunday Sun ibika ukuthi lo mdlali ozinze eBelgium umangalelwe usomabhinisi waseMatatiele ophinde abengusopolitiki, uMohato Moshoeshoe, ngokweba isulu lokuthuthukiswa kwentsha.

Ngokwemithombo yephephandaba, laba babengabangani abakhulu kodwa sebephenduke izitha muva nje.

Umthombo uthi uMohato usola u-Andile ngokusebenzisa udumo lwakhe ukunxenxa uMasipala waseMatatiele ukuba uxhase ‘isu lakhe’  lokuthuthukisa ibhola lezinyawo endaweni yangakubo.

Funda nalolu daba: Uchaza ngokuhudula izinyawo ekuhleleni umshadowakhe usaziwayo

Umthombo uthi u-Andile wasebenzisa isulu likaMohato aliqala ukusebenzisa ngo-2008.

Omunye umthombo uthi uMohato ufuna ukumfundisa isifundo u-Andile.

Ngesikhathi iphephandaba lithinta uMohato, ukuqinisekisile ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe no-Andile kanti lolu daba selusenkantolo.

 UJali akatholakalanga ukuba aphawule.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.