Kumashe Amadodana Asewesile emelene nokuhlukunyezwa kwabantu

2018-04-24 18:00

Johannesburg - Amadodana Asewesile amashele ereki yamaekisi eMbombela esuka ku-Anderson Street ngoMgqibelo.

Akhathazekile ngokuhlukunyezwa kwabaqwayizi nokubulawa kwabantu abaphila nebala elimhlophe, i-albinism, eMpumalanga.

UZakhele Dube, ongomunye wabahleli, utshele iDaily Sun ukuthi: "Njengamalungu ebandla, sithi ukuhlukumeza kuyisono futhi kiuyimisebenzi kaSathane.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe isihlobo sizama ukudayisa umfana oyi-albino

"Noma yini edicilela phansi isithunzi sokwadalwa nguNkulunkulu ngokuqinisekile kakuveli kuNkulunkulu, kodwa ngokumelene neNkosi."

UDube uthe amadoda ebandla azoba yingxenye yemizamo yokulwisana nokuhlukunyezwa, ukubulawa kwabesifazane nezingane nokuhlaselwa kwabokufika kanjalo nama-albino.

Uthe imashi yabo yindlela yokukhombisa ukweseka izinhlelo zokufundisa izinsizwa ngokuhlukumeza.

Emukela izikhalo egameni likaNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, uSolomon Shiba, uthe izikhalo zamalungu zizobhekelelwa. 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.