Kumele abekwe icala nobaba kaBaby M - UMnyango

2018-05-07 19:28

UMnyango wezeNhlalakahle eGauteng ngoMsombuluko uthe usebenzisana namaphoyisa kanye nezinkantolo ukuqinisekisa ukuthi ubaba kaBaby M ubekwa icala ngendima ayidlala ekudlwengulweni kwale ngane.

"Uma bobabili abazali babekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kuyaxaka ukuthi kungani kube ngumama wengane kuphela owabekwa icala laze lagcina ngokumlahla," kusho okhulumela uMnyango uNandi Mayathula-Khoza.

UMayathula-Khoza ubekhuluma nabezindaba emahhovisi oMnyango akuCommissioner Street, eGoli.

Ngokusho kombiko weTimesLive, umama kaBaby M ugwetshwe udilikajele ngokuvikela indoda eyadlwengula usana lwakhe olwalunezinyanga ezimbili luzelwe ngaleso sikhathi.

Lolu sana lwalimala kanzima kwaze kwadingeka ukuthi luhlinzwe ngemuva kwalesi sehlakalo.

UMayathula-Khoza uthe: "Sijabule ukuthi iSouth African Police Service ivumelene nathi yaqalisa ukulungiselela idokodo lokuqulwa kwecala.

"Amaphoyisa asephinde acela ukuthi sihlolwe kabusha isidoda esatholakala enganeni kanye nobunye ubufakazi obungase buholele ekutheni kuboshwe ubaba wengane."

UMnyango ubabele enkantolo uyokwenza izethulo ngendima eyadlalwa ngubaba wengane ekulimaleni kukaBaby M.

UMayathula-Khoza uthe okungenani ubaba naye kumele abekwe amacala afanayo nalawo abekwa umama wengane.

Unanele ngokuthi uMnyango usathukuthele ngoba umdlwenguli usazicanasela.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.