Kumele ngabe kudala akhishwa esikhundleni uNzimande - ANCYL eLimpopo

2017-10-18 12:30

Polokwane – I-ANC Youth League (ANCYL) eLimpopo ikwamukele ukususwa kukaBlade NZimande kwesikaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa.

Esitatimendeni ngoLwesihlanu, uNobhala wesifundazwe uDavid "Che" Selane uthe kumele ngabe kudala akhishwa kulesi sikhundla uNzimande.

I-ANCYL eLimpopo ithi ikholelwa ukuthi ukuba khona kukaNzimande kwiKhabhinethi akugcinanga nje ngokubulala i-SACP kumadlelandawonye, kodwa futhi ubengumuntu ozikhathalele yena kunomsebenzi wakhe.

OLUNYE UDABA: Kuxoshwe ikhansela le-ANC 'ngokudayisa' umhlaba

UMengameli Zuma ufake uHlengiwe Mkhize esikhundleni sikaNzimande.

UBongani Thomas Bong kuphela ongaziwa ezinguqukweni ezenziwe nguMengameli, njengoba efakwe kwesokuba nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso.

USelane uthe i-ANCYL eLimpopo iyakuphika ukuthi ukukhishwa kukaNzimande kungukuhlaselwa kwe-SACP nguMengameli Jacob Zuma njengokusho kukaSolly Mapaila, oyiphini lokuqala likaNobhala Jikelele we-SACP.

Ukukhishwa kukaNzimande kuza ngemuva kokuthi iHhovisi likaMengameli limemezele ngoLwesibili ekuseni izinguquko ezenziwe kwiKhabhinethi, nokube yisigameko esishaqise abaningi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.