'Kumele siqhubeke nokuhamba ezinyathelweni zika-OR Tambo'

2017-09-23 09:14

Bushbuckridge – UNgqongqoshe wezabasebenzi bahulumeni uFaith Muthambi unxuse abantu baseCasteel ukuba bahambe ezinyathelweni zika-OR Tambo, ngokuthi bazinikele ukusebenzeleni abanye abantu, ikakhulukazi abahlwempu.

UMuthambi ubevalashele eCasteel Thusong Service Centre eMpumalanga ngoLwesihlanu.

UMuthambi uthe u-Oliver Tambo unguyise womzabalazo waseNingizimu Afrika futhi amasu akhe namanje asasikhuthaza isizwe.

OLUNYE UDABA: I-DA igxeke isinqumo senyunyana ngezikole zaseGoli

"INingizimu Afrika unyaka ka-2017 yawumemezela njengowokuhlonipha u-OR Tambo. Okuwunyaka okumele siqhubeke ngawo ukuhamba ezinyathelweni zaleli qhawe lomzabalazo,” kusho uMuthambi.

UMuthambi uthe uhulumeni waseNingizimu Afrika ufuna izisebenzi zomphakathi zikujabulele ukusebenzela uhulumeni, ukuze zizokwazi ukusebenzela imiphakathi ngesidima.

Uthe uyameseka uMengameli Jacob Zuma odabeni lokwenziwa ngokushesha kwezinguquko kwezomnotho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.