Kuminze abathathu abebeyobhabhadisa olwandle

2018-03-25 12:35

eKapa - Abatshuzi bathungatha izidumbu ezimbili zamalungu ebandla abaminze olwandle iMonwabisi eKapa.

Isidumbu sesithathu sona sesitholakele.

UWayne Dyason okhulumela abeCity of Cape Town uthe mabili amalungu ebandla azithole esenkingeni ngemuva kokungena emanzini.

Ilungu lesi thathu lizamile ukubasiza kodwa nalo lazithola lisobishini.

Bobathathu bagwilizile kodwa kusatholakale isidumbu soyedwa,"kusho uDyason.

OLUNYE UDABA:Kugwilize umfundi ebhukuda nabangani emfuleni eThekwini

Akhona amanye amalungu ebandla khona lapha endaweni yesigameko kanti umsebenzi wokuthungatha izidumbu ezimbili usaqhubeka.

UDyason uthi kujwayelekile ukusetshenziswa kwaleli bhishi njengendawo yokubhabhadisa abazalwane.

Unxuse amabandla ukuba abikele izisebenzi zasemabhishi uma befuna ukubhabhadisa ukuze kuqinisekiswe ukuba ama-lifeguard abakhona.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.