Kuminze ingane, 7, edamini elisepulazini

2017-02-09 12:31

Johannesburg – Ingane yomfana eneminyaka eyisikhombisa ubudala iminze edamini elisepulazini eRandfontein, ngaphandle kwaseWest Rand, ngokusho kwabosizo lokuqala ngoLwesine.

Okhulumela abosizo lokuqala beNetcare 911 u-Athlenda Mathe uthe umfana ugcine ukubonakala ngoLwesithathu ntambama.

"Amaphoyisa kanye nezinye iziphathimandla kuphele amahora bethungatha umfana epulazini. Kube sekubizwa amaphoyisa asemanzini ukuba azosiza ekuthungathweni komfana edamini khona epulazini.

OLUNYE UDABA: Umama kaSfiso Ncwane ufuna umbiko wokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe

“Ngeshawa utholakale ngezithuba zabo-01:20 ekuseni eseyisidumbu umfana.”

UMathe uxwayise abazali kanye nabagada izingane ngokuba bagade kakhulu izingane uma kunezindawo ezinamanzi eduzane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.