Kuminze ingane yashona ohambeni lwesikole eKZN

2017-08-30 14:01

Johannesburg - Umfana oneminyaka eyisithupha ubudala ushonile ngesikhathi besohambeni lwesikole nabanye abafundi ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

Isigameko kukholakala ukuthi senzeke eLucky Linton Gold Mine and Animal Farm, eShakaskraal.

Okhulumela i-IPSS Medical Rescue, uPaul Herbst, uthe ngoLwesibili ekuseni abosizo lokuqala baphuthume lapho bebikelwe khona ukuthi kuphoseke izingane edamini.

“Abazibonele bathi izingane ezingu-8 bezibukiswa idamu kule ndawo, ngesikhathi ezintathu kuzona ziphoseka emanzini,” kusho uHerbst.

OLUNYE UDABA: Inyuvesi ifakele umfundi u-R14m ngephutha

“Ezimbili kwezintathu zikhishwe emanzini ngabantu ebebelapho, kanti eyodwa iminze yangena ngaphansi kwamanzi cishe imizuzu eyishumi.”

UHerbst uthe ngemuva kokukhishwa kwayo emanzini, abantu ebebesendaweni yesigameko bazamile ukwenza i-CPR kwaze kwafika abe-IPSS.

Ngeshwa, ingane ishonele khona lapho.

“Ezinye izingane zihloliwe, zabe sezishiywa nothisha bazo," kusho uHerbst.

- The Mercury

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.