Kuminze izingane ezimbili kwashona eyodwa e-swimming pool

2018-01-06 11:09

Johannesburg – Usana oluneminyaka emibili ubudala luminzile lwashona kanti udadewabo oneminyaka emihlanu ubudala usesimeni esibucayi ngemuva kokutholakala kwi-swimming pool esegcekeni ngoLwesihlanu ntambama.

Okhulumela i-ER24, uWerner Vermaak, uthi abosizo lokuqala banikele endaweni yesigameko eNorthriding, eGoli ngezithuba zabo-15:45 ngoLwesihlanu. 

Uthi ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, bathole owesifazane, okukholakala ukuthi ungunina wezingane, enza i-CPR enganeni eneminyaka emibili ubudala.

“Kukholakala ukuthi lezi zingane, ezingamantombazane, zitholwe ngezinye izingane kwi-swimming pool ekwi-complex,” kusho uVermaak.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zezingane efrijini

UVermaak uthi owesifazane ubeseyenze kuzona zombili izingane i-CPR ngaphambi kokuba kufike abosizo lokuqala, kanti futhi intombazane eneminyaka emihlanu ubudala ibisesimeni esibucayi ngesikhathi kufika abosizo lokuqala.

“Baqhubekile nokwenza i-CPR enganeni eneminyaka emibili ubudala ngaphambi kokuba zombili izingane baziphuthumise esibhedlela esiseduzane,” esho.

UVermaak uthi ingane eneminyaka emibili ubudala kuqinisekiswe isanda kufika esibhedlela ukuthi isishonile.

Uthi okwamanje abanayo imininingwane egcwele ngokuholele ekuminzeni kwezingane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.