Kuminze owesilisa e-swimming pool eMhlanga

2018-03-19 19:30

Durban – Owesilisa uminzile kwezinye zezindlu zezivakashi eMhlanga Rocks, eThekwini, ngesikhathi kunomcimbi wokuqinisa ubudlelwano babasebenzi ngoMgqibelo.

UShawn Herbst, okhulumela iNetcare 911, ithi abakwa-Netcare 911 baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubikelwa ngominzile kuLagoon Drive.

“Imibiko etholakale endaweni yesigameko ikhomba ukuthi owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala ubenozakwabo kule ndawo, njengoba bebenomcimbi wokuqinisa ubudlelwane babo, ngesikhathi eminza e-pool.

OLUNYE UDABA: 'Umama wavuka ukuthi wadlisa izingane zakhe, wabe eseshona' 

“Utholwe nguzakwabo entanta emanzini wabe esemkhiphela ngaphandle, kanti ngesikhathi abosizo lokuqala befika bebenza i-CPR kodwa ngeshwa ubeseshonile,” kusho uHerbst.

Uthe amaphoyisa abekhona endaweni yesigameko futhi azokwenza uphenyo.

- Daily News

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.