Kuminze umfana ethi ukhipha ukushisa eThekwini

2017-01-28 08:21

Cape Town – Umfana oneminyaka engu-16 ubudala ugwilizile washona ngesikhathi ebhukuda kuMngeni River, KwaDabeka, ethi wehlisa ukushisa ngoLwesihlanu ntambama.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue bathi lo mfana uvelelwe yinkinga esephakathi emanzini.

Amaphoyisa angabatshuzi yiwo athole isidumbu sakhe, kanti sekuvulwe idokodo ngokufa komuntu.

Kwesinye isigameko, kushone umfana oneminyaka engu-12 ubudala ngesikhathi eshayiswa yitekisi ekade ejaha ibhola eThekwini ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kugwilize umfana behambe nesikole

Okhulumela abosizo lokuqala bakwaRescue Care Paramedics, uCerron Lennox, uthe lo mfana ulimale kabi nokuyikhona okugcine sekumkhipha umphefumulo ngaphambi kokuthi bafike endaweni yesigameko.

Ube esehlonzwa njengoshonile khona endaweni yesehlakalo.

Lesi sigameko senzeke kuBooth Road, eCato Manor, ngabo-17:00.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.