Kuminze umfundi kamatikuletsheni ebhukuda nabangani

2017-11-05 09:31

Mkhizwana - Kugwilize kwashona umfundi kamatikuletsheni waKwaMkhizwana ngaphandle wkaseThekwini.

Lo mfundi wasesikoleni iNogujwa High, uNala Gumede, nabanye abafundi bayekobhukuda kuMngeni River ngemuva kokubhala iphepha le-Science.

USanele Mndweni, ongomunye wabangani baGumede uthe: " Ngemuva kokukhumula impahla abezigqokile ume phezu kwetshe khona emfuleni. Wabe esehlala kulo. Kuthe ngemuva kwesikhashana ngamubona engena phansi kwamanzi waphinde waphuma. Ngibe sengibiza abantu ukuthi bezosiza. Ngesikhathi befika kuye, uvele wagwiliza. Angazi ukuthi kwenzekeni ngoba konke okwenzekile kwnzeke ngokuphazima kweso."

OLUNYE UDABA:Kugwilize umfana behambe nesikole

Omunye umngani kaGumede, uSanele Mndaweni uthe: " Besingazitsheli ukuthi kungenzeka into efana nale. Kubuhlungu kuthina. Ngisho nayizolo, ngivele ngadideka, ngangazi ukuthi ngimsize kanjani."

U-anti kaGumede, uthe lo mfundi kamatikuletsheni ubengesiye umuntu okwazi ukubhukuda.

Ngokusho kwaBonani Gwala, "Ubengakwazi ukubhukuda. Impilo yakhe yonke , uNala ubengakwazi ukubhukuda. Zonke izingane la ekhaya azikwazi ukubhukuda ngoba awukho umfulo oseduze nekhaya. Bekungokokuqala ebhukuda empilweni yakhe. Labo abebenaye bathi uhlale phezu kwetshe, bethi ubesaba ukungena emanzini."

Lo mfundi ubenamaphupho amakhulu.

UJoseph Gwala, ongumalume kaGumede, uthe:"Ungishiye nezinhlungu. Ubenamaphupho. Njalo uma sihlangana, besiba nezingxoxo ebesiba nazo. Ubengabuphuzi utshwala. Lo mfana ubenephupho lokuba yiphoyisa ngoba bengihlezi ngifuna kube khona iphoyisa ekhaya."

Abanye abafundi basashaqekile. Othisha bachaze umufi njengomuntu obenamahloni.

Izakhamuzi zithi uGumede ungumuntu wesihlanu abamaziyo ominzile.

 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.