Kumisiwe ukuthungathwa komqeqeshi omusha weBafana

2017-01-19 14:30

Cape Town – UMengameli wenhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA), uDanny Jordaan, uthi okwamanje kusamisiwe ukuthungathwa komqeqeshi omusha weqembu lesizwe, iBafana Bafana.

Ekupheleni kukaJanuwari, iBafana izobe isidonse isikhathi esingangenyanga ingenaye umqeqeshi kulandela ukukhonjwa indlela kwalowo owayengumqeqeshi wayo, uShakes Mashaba.

OLUNYE UDABA: I-SAFA ibheka umqeqeshi omusha weBafana ngemuva kokuxosha uMashaba

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala waqale wamiswa ngoNovemba wangonyaka owedlule ngezinsolo zokuthi wathuka izikhulu eziphezulu ze-SAFA ngemuva komdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba nalapho iNingizimu Afrika yashaya khona iSenegal.

Ibhantshi lagcina ligcwale umoya kuMashaba ngemuva kwecala lasenkantolo eladonsa kwaze kwaba nguDisemba.

Kodwa-ke lo mqeqeshi akazimisele nakancane ukugoba uphondo njengoba esedlulisele lolu daba kwiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) nalapho emangalele khona iSAFA ngethemba lokuthi uzobuyelwa umsebenzi wakhe.

Ngokombiko weSoccer Laduma, uJordaan udalule ukuthi isizathu sokuthi iSAFA ingaluqali uhlelo lokuqasha umqeqeshi omusha kungenxa yaleli cala likaMashaba eliqhubekayo.

“Cha, cha, cha… asikaze siluqale nokuluqala uhlelo (lokufuna umqeqeshi omusha) okwamanje.

“Sisabhekene nenkinga yomqeqeshi wamanje (uShakes Mashaba),” kusho uJordaan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.